Khetha isihloko ESISODWA kulezi ezilandelayo ubhale ngaso indaba ibe ngamagama
angama-340 kuya kwangama-390.
- Mhla Ngiphumelela Ngamalengiso Emabangeni Emfundo Aphansi. [50]
- Kwamanzi ENingizimu Afrika [50]
- Ubuhle Nobubi Bokuphathwa Komakhalekhukhwini Ezikoleni. [50]
- Umabonakude Yinto Yamavila.Uyavumelana noma uyaphikisana yini nalesi sihloko: [50]
- Wo Hhe! Lafa Elihle Kakhulu. [50]
- Isithombe esilandelayo esisembuzweni siqubula imizwa kanye nemicabango.
Umngani wakho weminyaka usanda kushiywa umzali wakhe ngokukhulu ukuzuma engozini yemoto. Bhala incwadi yokumduduza. [25]
Ubone isikhangisi somsebenzi ephephandabeni ILANGA sokushaya isisefo esitolo sakwaShoprite
eThekwini. Kufuneka umuntu onebanga le-10. Onolwazi ngekhompyutha. Okwazi ukukhuluma isiZulu kanye
nesiNgisi. Usuku lokuvala ukufaka isicelo umhla zingama-20 Novemba 2018
Bhala incwadi yokuzazisa neKharikhulamu Vithaye uyiqondise kumphathi wakwaShoprite,
Private Bag X1050, Durban, 4001.
- A. Makulandelwe uhlelo lokubhala incwadi yesicelo somsebenzi
- B. IKharikhulamu Vithaye
Akuvele lezi zihlokwana
- Iminingwane yakho
- Ukufunda kwakho
- Iqhaza emphakathini
- Abantu abangathintwa
Uthisha ukunikeze umsebenzi wokuyofunda izincwadi ezingamiselwe ukufundwa kulo nyaka.
Bhala isibuyekezo senye yezincwadi ozifundile.
Makuvele lokhu okulandelayo:
- Isihloko sencwadi
- Umbhali wencwadi
- Abashicilelo
- Unyaka eshicilelwe ngawo
- Indawo eyashicilelwa kuyo
- Inqgikithi yencwadi ngamafuphi
- Isiphetho uvo lwakho uyancoma noma uyaphikisa
AMAMINITHI OMHLANGANO
UnguNobhala weKomiti elilawula isikole. Esikoleni senu ninenkinga yokugqekezelwa njalo ngenxa
yokuthi akekho unogada wasebusuku. Nibe seniba nomhlangano wabazali nabafundi ukuzama
ukuthola isisombululo sale nkinga. Bhala i- AJENDA namaminithi omhlangano.
I- INTHAVYU/INHLOLOKHONO
Bhala i-inthavyu Phakathi Kwentatheli Yephephandaba “Woza Nazo” Kanye Nosomabhizinisi
Oyisibonelo Esihle Emphakathini.
INKULUMO ELUNGISELELWE
Ukhethiwe esontweni ukuba wethule inkulumo elungiselelwe njengoba kade niye ekhempini ngephasika
ukuze abazali baphinde banivumele nangokuzayo.
Bhala inkulumo elungiselelwe
Ukufuna ngezinganekwane
Izinhlobo zezinganekwane:
Isakhiwo sezinganekwane
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Grade 12 topics
Funda izingcezu zenkulumo
Uma unombuzo wesizulu wakwa Grade 12 sicela uthumele whatsapp kwi number ekule page.
Usitshele isikole sakho, bese ufaka umbuzo.
Ezinye izihloko zaka grade 12